1 Usamuweli 6:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.

6. Nenzeleni zibe lukhuni izinhliziyo zenu, njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenzile phakathi kwabo, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?

7. “Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo, nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,

8. nithathe umphongolo kaJehova, niwubeke enqoleni, nifake impahla yegolide eniyibuyisela kuye ibe ngumnikelo wecala ebhokisini eliseceleni kwawo, niyimukise, ihambe.

9. Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.”

10. Abantu benze njalo; bathatha izinkomo ezimbili ezincelisayo, bazibophela enqoleni, bazivalela amankonyane azo ekhaya,

1 Usamuweli 6