1 Usamuweli 28:16-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. USamuweli wathi: “Pho, ubuzelani kimi, lokhu uJehova esesukile kuwe, waba yisitha sakho, na?

17. UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami: uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.

18. Ngokuba awulalelanga izwi likaJehova, awenzanga ulaka lwakhe olushisayo phezu kwama-Amaleki; ngalokho uJehova wenzile lokhu kuwe namuhla.

19. Futhi uJehova uyakunikela u-Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”

1 Usamuweli 28