1 Usamuweli 28:14-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Wathi kuye: “Unesimo sini na?”Wathi: “Kukhuphuka ixhegu limboziwe ngengubo.” USawule wabona ukuthi kunguSamuweli, wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

15. USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?”USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”

16. USamuweli wathi: “Pho, ubuzelani kimi, lokhu uJehova esesukile kuwe, waba yisitha sakho, na?

17. UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami: uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.

18. Ngokuba awulalelanga izwi likaJehova, awenzanga ulaka lwakhe olushisayo phezu kwama-Amaleki; ngalokho uJehova wenzile lokhu kuwe namuhla.

19. Futhi uJehova uyakunikela u-Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”

20. USawule wayesewela phansi ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye, ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.

1 Usamuweli 28