1. USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.
2. Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.
3. Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.
4. UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe.
5. UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: “Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,
6. nithi kumfowethu: ‘Ukuthula makube kuwe, ukuthula nakube kuyo indlu yakho, ukuthula makube kukho konke onakho.
7. “ ‘Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babe nathi, asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli.