1 Usamuweli 24:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi uSawule esebuyile ekuxosheni amaFilisti, kwabikwa kuye ukuthi: “Bheka, uDavide usehlane lase-Eni Gedi.”

2. USawule wayesethatha abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba ukumfuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.

3. Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.

4. Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

5. Kwathi ngasemuva uDavide wahlabeka enhliziyweni, ngokuba wayesikile umphetho wengubo kaSawule.

6. Wathi kubantu bakhe: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”

7. UDavide wabathiya ngalawo mazwi, akabavumelanga ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emhumeni, wahamba.

1 Usamuweli 24