17. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”
18. Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.
19. Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na?