8. UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”
9. Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo.”UDavide wathi: “Ayikho enjengayo; nginike yona.”
10. Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati.
11. Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi:“ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe,kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,’ na?”
12. UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu u-Akhishi inkosi yaseGati.
13. Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.
14. U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?
15. Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?”