1 Usamuweli 20:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”

2. Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”

3. UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”

4. UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.”

1 Usamuweli 20