1 Usamuweli 19:12-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka.

13. UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.

14. Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.”

15. USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: “Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.”

16. Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.

17. USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na?”UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: “Wathi kimi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?’ ”

18. Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.

19. Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNayoti eRama.”

20. USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.

21. Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha.

22. Wayeseya naye eRama, wafika emthonjeni oseSeku, wabuza ukuthi: “Baphi oSamuweli noDavide na?”Kwathiwa: “Bheka, baseNayoti eRama.”

23. Wayeseya khona eNayoti eRama; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama.

24. Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku. Ngalokho kwathiwa: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

1 Usamuweli 19