1 Usamuweli 18:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.

12. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.

13. Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.

14. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.

15. Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba.

16. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo.

1 Usamuweli 18