30. Wamfulathela, wabheka komunye, wakhuluma lona lelo zwi; abantu bamphendula njengakuqala.
31. Esezwakele amazwi abewakhulumile uDavide alandwa phambi kukaSawule; wambiza.
32. UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaqedwa nhliziyo yamuntu ngalowo; inceku yakho iyakuhamba ilwe nalowo mFilisti.”
33. USawule wathi kuDavide: “Awunamandla okuya kulowo mFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.”
34. UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise; lapho kwafika ingonyama nebhere* kwathatha imvu emhlambini,
35. ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala.
36. Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”
37. UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.”USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”