1 Usamuweli 17:10-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”

11. Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

12. UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.

13. Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayengu-Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama.

14. UDavide nguye owayengomncinyane; amathathu amakhulu amlandela uSawule.

15. UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.

16. UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane.

17. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu,

18. uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.”

19. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.

20. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.

1 Usamuweli 17