33. Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.”Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.”
34. Wathi uSawule: “Hlakazekelani phakathi kwabantu, nithi kubo: ‘Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi.’ ” Bonke abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo busuku ngesandla sakhe, bazihlaba khona.
35. USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.
36. USawule wathi: “Masehle, silandele amaFilisti ebusuku, siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa kuwo.”Bathi: “Yenza konke okuhle emehlweni akho.”Umpristi wayesethi: “Masisondele lapha kuNkulunkulu.”
37. USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle ngilandele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo suku.
38. USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.