12. Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.”UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”
13. UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.
14. Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu.
15. Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.
16. Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.
17. USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.
18. USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli.
19. Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu* lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: “Susa isandla sakho.”
20. USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.
21. AmaHeberu ayenamaFilisti kuqala nawo akhuphukela ekamu* nxazonke, aphendukela kwabakwa-Israyeli ababe noSawule noJonathani.
22. Abantu bonke bakwa-Israyeli ababecashile ezintabeni zakwa-Efrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni.