1 Usamuweli 14:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamtshelanga uyise.

2. USawule wahlala emaphethelweni aseGibeya phansi kompomegranati* oseMigroni; abantu ababe naye babe ngamakhulu ayisithupha;

3. u-Ahiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.

4. Phakathi kwezintuba uJonathani afuna ukuwela ngazo ukuya ekhandeni lamaFilisti kwakukhona ugedla lwesiwa ngalapha nogedla lwesiwa ngalapha; igama lolunye laliyiBosesi, negama lolunye laliyiSene.

1 Usamuweli 14