1 Kwabasethesalonika 5:7-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;

8. kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;

9. ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu

10. owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.

11. Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

12. Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,

13. nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.

1 Kwabasethesalonika 5