1 Kwabasethesalonika 5:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;

6. ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.

7. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;

8. kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;

9. ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu

10. owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.

11. Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

1 Kwabasethesalonika 5