1 Kwabasethesalonika 5:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.

14. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.

15. Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.

16. Thokozani njalo;

17. khulekani ningaphezi;

18. kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

19. Ningamcimi uMoya;

20. ningakudeleli ukuprofetha;

21. vivinyani konke, nibambisise okuhle;

22. dedani kukho konke okubonakala kukubi.

1 Kwabasethesalonika 5