24. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.
25. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
26. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.
27. Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.