1 Kwabasekorinte 9:24-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.

25. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.

26. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.

27. Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

1 Kwabasekorinte 9