1 Kwabasekorinte 7:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.

6. Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo.

7. Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.

8. Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami.

9. Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha.

10. Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda;

11. -- kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe -- nendoda ingamlahli umkayo.

12. Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli;

1 Kwabasekorinte 7