16. Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.
17. Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
18. Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;
19. kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.
20. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.