1 Kwabasekorinte 16:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.

8. Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;

9. ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.

10. Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;

11. ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.

12. Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.

13. Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

14. Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.

1 Kwabasekorinte 16