1 Kwabasekorinte 16:14-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.

15. Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele

16. ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.

17. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.

18. Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.

19. Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.

20. Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.

1 Kwabasekorinte 16