1 Kwabasekorinte 16:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.

2. Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.

3. Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;

4. uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.

5. Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;

6. kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.

7. Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.

8. Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;

1 Kwabasekorinte 16