1 Kwabasekorinte 15:24-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla.

25. Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.

26. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.

27. Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe.Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.

28. Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.

29. Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?

30. Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na?

31. Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.

32. Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.

33. Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.

34. Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.

35. Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?”

36. Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga;

37. futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye;

38. kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe, yileyo naleyo mbewu owayo umzimba.

1 Kwabasekorinte 15