1 Kwabasekorinte 14:35-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.

36. Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na?

37. Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kungumyalo weNkosi.

38. Kepha uma umuntu engazi, makahlale engazi.

39. Ngakho-ke, bazalwane bami, zondelelani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi.

40. Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.

1 Kwabasekorinte 14