1 Kwabasekorinte 14:27-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe;

28. kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.

29. Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole.

30. Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala.

1 Kwabasekorinte 14