1 Kwabasekorinte 14:15-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.

16. Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo?

17. Ngokuba nempela ubonga kahle wena, kepha lowo omunye akakhiwa.

18. Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke;

19. kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.

20. Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.

21. Emthethweni kulotshiwe ukuthi:“Ngabantu bezinye izilimi,nangezindebe zabezinye izizwengiyakukhuluma kulesi sizwe;kepha noma kunjalo abayikungizwa,” kusho iNkosi.

22. Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabangakholwayo.

23. Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na?

24. Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke;

25. okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”

1 Kwabasekorinte 14