1 Kwabasekorinte 12:29-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?

30. Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na?

31. Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu.Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.

1 Kwabasekorinte 12