1 Kwabasekorinte 10:9-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.

10. Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.

11. Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.

12. Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.

13. Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

14. Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.

15. Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.

16. Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?

1 Kwabasekorinte 10