1 Kwabasekorinte 10:6-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.

7. Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”

8. Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.

9. Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.

10. Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.

11. Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.

12. Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.

13. Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

14. Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.

1 Kwabasekorinte 10