24. Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.
25. Konke okuthengiswa esilaheni* kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza,
26. ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.
27. Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza.