1 Kuthimothewu 3:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,

4. ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke --

5. kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? --

6. angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.

7. Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

8. Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,

1 Kuthimothewu 3