1 Kuthimothewu 3:13-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.

14. Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;

15. kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.

16. Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.

1 Kuthimothewu 3