1 Kuthimothewu 2:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.

13. Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva.

14. Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka;

15. kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

1 Kuthimothewu 2