1 Kuthimothewu 2:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,

2. amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.

3. Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu

4. othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

5. Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,

6. owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,

1 Kuthimothewu 2