1 Kapetru 1:23-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu,

24. ngokuba,“Yonke inyama injengotshani,nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani;utshani buyabuna,nembali iyavuthuluka,kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”

25. Yilo leli zwi levangeli elashunyayelwa kinina.

1 Kapetru 1