1 Kajohane 2:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.

24. Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.

25. Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.

26. Nganilobela lokho ngabo abanidukisayo.

27. Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.

1 Kajohane 2