1. Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;
2. yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
3. Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.
4. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;
5. kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;
6. lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
7. Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.
8. Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.