20. no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli,
21. no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi,
22. noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli,
23. no-Abidoni, noZikiri, noHanani,
24. noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya,
25. no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki,
26. noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya,
27. noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu.
28. Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
29. EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;
30. izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,