1 Izikronike 8:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu,

2. noNoha owesine, noRafa owesihlanu.

3. UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi,

4. no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa,

5. noGera, noShefufani, noHuramu.

6. Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati,

7. zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.

8. UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.

9. Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,

1 Izikronike 8