9. Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.
10. Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no-Ahishahari.
11. Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa.
12. OShuphimi noHuphimi babe ngamadodana ka-Iri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri.
13. Amadodana kaNafetali: ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha.
14. Amadodana kaManase: ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.