37. noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera.
38. Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara.
39. Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya.
40. Bonke labo babe ngabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.