1 Izikronike 7:18-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela.

19. Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu.

20. Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,

21. noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.

22. U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.

23. Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya,* ngokuba indlu yakhe yayisengozini.

24. Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.

25. URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,

26. noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,

27. noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.

1 Izikronike 7