1 Izikronike 6:65-69 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

65. Banika ngenkatho leyo mizi ebizwe ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni, nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.

66. Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwa-Efrayimi.

67. Bayinika imizi yokuphephela: iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi namadlelo alo, neGezeri namadlelo alo,

68. neJokimeyamu namadlelo alo, neBeti Horoni namadlelo alo,

69. ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo,

1 Izikronike 6