1 Izikronike 6:28-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.

29. Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe,

30. noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.

31. Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona.

32. Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele* letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.

33. Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli

34. ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa

35. kaSufi ka-Elkana kaMahati ka-Amasayi

1 Izikronike 6