1 Izikronike 5:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. noBela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owahlala e-Aroweri kwaze kwaba seNebo noBali Mehoni.

9. Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.

10. Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.

11. Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka:

12. ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani;

1 Izikronike 5