1 Izikronike 4:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Amadodana ka-Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.

18. Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.

19. Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.

20. Amadodana kaShimoni: ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani, noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.

21. Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya,

22. noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba.

1 Izikronike 4