13. Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.
14. Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.
15. Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,
16. eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi, ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi.
17. Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha, ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku, nasenqolobaneni emabili ngamabili.