15. Amadodana kaMose: ngoGereshomu no-Eliyezeri.
16. Amadodana kaGereshomu: nguShebuweli owayeyinhloko.
17. Amadodana ka-Eliyezeri: nguRehabiya inhloko. U-Eliyezeri wayengenawo amanye amadodana; kepha amadodana kaRehabiya ayemaningi kakhulu.
18. Amadodana kaJisihari: nguShelomiti inhloko.
19. Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
20. Amadodana ka-Uziyeli: nguMika inhloko noJishiya owesibili.
21. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngo-Eleyazare noKishi.
22. U-Eleyazare wafa engenamadodana, enamadodakazi odwa; abafowabo, amadodana kaKishi, bawathatha.
23. Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJeremoti, bebathathu.
24. Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
25. Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;
26. namaLevi awasayikuthwala itabernakele* nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.”